1. UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule,
2. wathi:“UJehova uyidwala lami,nenqaba yami, nomkhululi wami;
3. uNkulunkulu uyidwala lamiengiphephela kulo,nesihlangu sami,nophondo lokusindiswa kwami,inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami;msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.
4. Ngiyamemeza kuJehovaodumisekayo,ngisindiswe ezitheni zami.
5. “Ngokuba amaza okufa angihaqa;izikhukhula zokona zangethusa.
6. Izintambo zasendaweni yabafileyozangizungeza,izihibe zokufa zangehlela.
7. Ekuhluphekeni kwami ngambizauJehova,ngakhala kuNkulunkulu wami;walizwa izwi lami esethempelini lakhe;ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.
8. “Umhlaba wawusuzamazama,wadikizela;izisekelo zezulu zathuthumela,zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.
9. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;amalahle avutha kuye.
10. Wathobisa izulu, wehla;ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.
11. Wakhwela phezu kwekherubi,*wandiza;wabonwa emaphikweni omoya.
12. Wenza ubumnyama bubengamadokodo amphahlayo,amanzi aqoqane, amafu abe nzima.
13. Ekukhazimuleni okuphambi kwakhekwavuthiswa amalahle omlilo.