16. U-Ishibi Benobi wabantwana bamaRefa osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli* angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wathi uyakumbulala uDavide.
17. Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide, bathi: “Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.”
18. Kwathi emva kwalokho kwabuye kwavuka impi namaFilisti eGobi; khona uSibekayi umHushati wabulala uSafi owayengowamadodana amaRefa.
19. Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti eGobi; u-Elihanani indodana kaJahari Oregimi waseBetlehema wabulala uGoliyati umGiti oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki.
20. Kwabuye kwaba khona impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude owayeneminwe eyisithupha esandleni nezinzwani eziyisthupha onyaweni, kungamashumi amabili nane kukonke; naye wazalwa yiRefa.
21. Wameyisa u-Israyeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeyi umfowabo kaDavide wambulala.