Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide, bathi: “Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.”