12. UDavide waya wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi Gileyadi ababewebile esigcawini saseBeti Shani, lapho, amaFilisti ayebaphanyeke khona, mhla amaFilisti embulala uSawule eGilibowa.
13. Wenyusa lapho amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe; baqoqa amathambo ababephanyekiwe.
14. Bawembela amathambo kaSawule noJonathani indodana yakhe ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise; benza konke okuyalezwe yinkosi. Ngasemuva uNkulunkulu wancengwa ngenxa yezwe.
15. AmaFilisti abuye aphaka impi no-Israyeli; uDavide wehla, izinceku zakhe zinaye, balwa namaFilisti; uDavide waphela amandla.
16. U-Ishibi Benobi wabantwana bamaRefa osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli* angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wathi uyakumbulala uDavide.
17. Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide, bathi: “Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.”
18. Kwathi emva kwalokho kwabuye kwavuka impi namaFilisti eGobi; khona uSibekayi umHushati wabulala uSafi owayengowamadodana amaRefa.
19. Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti eGobi; u-Elihanani indodana kaJahari Oregimi waseBetlehema wabulala uGoliyati umGiti oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki.
20. Kwabuye kwaba khona impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude owayeneminwe eyisithupha esandleni nezinzwani eziyisthupha onyaweni, kungamashumi amabili nane kukonke; naye wazalwa yiRefa.
21. Wameyisa u-Israyeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeyi umfowabo kaDavide wambulala.
22. Labo bobane bazalwa ngamaRefa eGati; bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.