2 Usamuweli 19:9-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Bonke abantu babephikisana ezizweni zonke zakwa-Israyeli, bethi: “Inkosi yasophula esandleni sezitha zethu, yasikhulula esandleni samaFilisti; manje isibalekile ezweni, imbalekele u-Abisalomu.

10. U-Abisalomu esamgcoba ukuba abe phezu kwethu usefile empini. Manje nithuleleni, ningayibuyisi inkosi na?”

11. Inkosi uDavide yathumela kuSadoki naku-Abiyathara abapristi, yathi: “Khulumani kumalunga akwaJuda, nithi: ‘Kungani ukuba nibe ngabokugcina ukubuyisela inkosi endlini yayo, lokhu kufinyelele enkosini nasendlini yayo konke ukukhuluma kuka-Israyeli, na?

12. Ningabafowethu, niyithambo lami nenyama yami; ngalokho kungani ukuba nibe ngabokugcina ukuyibuyisa inkosi na?’

13. Yishoni ku-Amasa ukuthi: ‘Angithi uyithambo lami nenyama yami na? Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ungayikuba yinduna yempi ngaphambi kwami njalo esikhundleni sikaJowabe.’ ”

14. Wathobisa izinhliziyo zabantu bonke bakwaJuda njengomuntu munye, baze bathuma enkosini, bathi: “Buya wena nazo zonke izinceku zakho.”

15. Yayisibuya inkosi, yafika eJordani; uJuda wafika eGiligali ukuba ayihlangabeze inkosi, ayiwelise inkosi iJordani.

16. UShimeyi indodana kaGera umBenjamini waseBahurimi washesha wehla nabantu bakwaJuda ukuyihlangabeza inkosi.

2 Usamuweli 19