2 Usamuweli 19:27-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Ihlebile inceku yakho enkosini yami, inkosi, kepha inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu; ngalokho yenza okuhle emehlweni akho.

28. Ngokuba yonke indlu kababa yayinjengabantu abafileyo phambi kwenkosi yami, inkosi; kepha wayibeka inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Ngisenalungelo lini ukuba ngibuye ngikhale enkosini na?”

29. Inkosi yathi kuye: “Usakhulumelani ngezindaba zakho na? Ngithi: Wena noSiba, yahlukaniselani izwe.”

30. Wayesethi uMefibosheti enkosini: “Makathathe konke, njengokuba inkosi yami, inkosi, isibuyele endlini yayo ngokuthula.”

31. UBarizilayi wakwaGileyadi wehla eRogelimi; wawela iJordani kanye nenkosi ukuyiwelisa iJordani.

32. UBarizilayi wayengumuntu omdala kakhulu, eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; wayekade eyipha inkosi ukudla isahlezi eMahanayimi, ngokuba wayengumuntu omkhulu kakhulu.

33. Inkosi yathi kuBarizilayi: “Wela nami wena, ngikondle kanye nami eJerusalema.”

34. Wayesethi uBarizilayi enkosini: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami ukuba ngenyukele eJerusalema nenkosi na?

2 Usamuweli 19