2 Usamuweli 19:15-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Yayisibuya inkosi, yafika eJordani; uJuda wafika eGiligali ukuba ayihlangabeze inkosi, ayiwelise inkosi iJordani.

16. UShimeyi indodana kaGera umBenjamini waseBahurimi washesha wehla nabantu bakwaJuda ukuyihlangabeza inkosi.

17. Kweza naye abantu abayinkulungwane bakwaBenjamini, noSiba inceku yendlu kaSawule, namadodana akhe ayishumi nanhlanu, nezinceku zakhe ezingamashumi amabili zinaye; bawela iJordani phambi kwenkosi.

18. Kwawela isikebhe sokuwelisa abendlu yenkosi nokwenza okwakukuhle emehlweni ayo. UShimeyi indodana kaGera wawela phansi phambi kwenkosi isiyakuliwela iJordani.

19. Wathi enkosini: “Inkosi yami mayingangibaleli icala, futhi ungakhumbuli okubi okwenziwa yinceku yakho mhla inkosi yami, inkosi, iphuma eJerusalema, ukuba inkosi ikubeke enhliziyweni yayo.

20. Ngokuba inceku yakho iyazi ukuthi yonile; bheka, ngifikile namuhla ngingowokuqala wendlu yonke kaJosefa, ngehle ukuhlangabeza inkosi yami, inkosi.”

21. Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya waphendula wathi: “UShimeyi akayikubulawa yini ngalokho, njengokuba wathuka ogcotshiweyo kaJehova, na?”

22. UDavide wathi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya ukuba nimelane nami namuhla na? Kuzakubulawa umuntu namuhla kwa-Israyeli na? Angazi yini mina ukuthi namuhla ngiyinkosi phezu kuka-Israyeli na?”

2 Usamuweli 19