1. Kwabikelwa uJowabe ukuthi: “Bheka, inkosi iyakhala, imlilela u-Abisalomu.”
2. Ukunqoba ngalolo suku kwaphenduka isililo kubantu bonke, ngokuba abantu bezwa kwathiwa ngalolo suku: “Inkosi idabukile ngendodana yayo.”
3. Abantu bangena emzini ngalolo suku ngokunyenya njengabantu abanamahloni benyenya, bebalekela impi.
4. Inkosi yamboza ubuso bayo, inkosi yakhala ngezwi elikhulu, yathi: “Hhawu, ndodana yami Abisalomu, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!”
5. UJowabe wangena endlini enkosini, wathi: “Udumazile namuhla ubuso bazo zonke izinceku zakho ezisindisile ukuphila kwakho namuhla, nokuphila kwamadodana akho namadodakazi akho, nokuphila kwabafazi bakho, nokuphila kwezancinza zakho
6. ngokubathanda abakuzondayo nangokubazonda abakuthandayo. Ngokuba umemezele namuhla ukuthi izikhulu nezinceku azilutho kuwe, lokhu ngibona namuhla ukuthi uma ebephilile u-Abisalomu thina sonke besifile namuhla, ngabe kulungile emehlweni akho.