2 Usamuweli 16:10-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Yathi inkosi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya. Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongasho ukuthi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”

11. UDavide wayesethi ku-Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani lo mBenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba uJehova ukhulumile kuye.

12. Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka namuhla.”

13. UDavide nabantu bakhe bahamba ngendlela; uShimeyi wahamba eceleni kwentaba malungana naye, wahamba ethuka, wamphonsa ngamatshe, wamthela ngothuli.

14. Inkosi nabo bonke abantu ababenayo bafika beyethile; wahlunyelelwa khona.

15. U-Abisalomu nabantu bonke, amadoda akwa-Israyeli, bafika eJerusalema, u-Ahithofeli enabo.

16. Kwathi lapho uHushayi umArki umngane kaDavide esefikile ku-Abisalomu, uHushayi wathi ku-Abisalomu: “Mana njalo, nkosi; mana njalo, nkosi.”

2 Usamuweli 16