2 Usamuweli 1:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi emva kokufa kukaSawule, uDavide esebuyile ekubulaleni ama-Amaleki, futhi uDavide esehlale izinsuku ezimbili eSikilagi,

2. kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu* likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.

3. UDavide wathi kuye: “Uvelaphi na?”Wathi kuye: “Ngibalekile ekamu* lakwa-Israyeli.”

4. UDavide wayesethi kuye: “Bekunjani na? Ake ungitshele.”Wathi: “Abantu babalekile empini, nabantu abaningi bawile, bafa; oSawule noJonathani indodana yakhe bafile nabo.”

5. UDavide wathi kuleyo nsizwa eyamtshelayo: “Wazi kanjani ukuthi oSawule noJonathani indodana yakhe bafile na?”

2 Usamuweli 1