1. Kumelwe ukuba ngizibonge noma kungasizi; kepha sengizakuphatha imibono nezambulo zeNkosi.
2. Ngiyamazi umuntu ekuKristu, sekuyiminyaka eyishumi nane -- nakuba wayesemzimbeni angazi, nakuba wayengaphandle komzimba angazi, nguNkulunkulu owaziyo -- onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu.
3. Yebo, ngiyamazi umuntu onjalo -- nakuba wayesemzimbeni, nakuba wayengekho emzimbeni, angazi, nguNkulunkulu owaziyo --
4. ukuthi wahlwithwa wayiswa eParadisi*, wezwa amazwi angakhulumekiyo, okungavunyelwe ukuba umuntu awakhulume.
5. Ngonjalo ngizakuzibonga, kepha ngami uqobo angizukuzibonga, kuphela ngobuthakathaka bami.
6. Ngokuba noma bengingathanda ukuzibonga, bengingezukuba yisiwula; ngokuba bengizakube ngikhuluma iqiniso, kepha ngiyayeka, funa umuntu acabange ngami okungaphezu kwalokho angibona ngiyikho nakuzwayo kimi.
7. Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.