2 Kwabasekorinte 12:1-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kumelwe ukuba ngizibonge noma kungasizi; kepha sengizakuphatha imibono nezambulo zeNkosi.

2. Ngiyamazi umuntu ekuKristu, sekuyiminyaka eyishumi nane -- nakuba wayesemzimbeni angazi, nakuba wayengaphandle komzimba angazi, nguNkulunkulu owaziyo -- onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu.

3. Yebo, ngiyamazi umuntu onjalo -- nakuba wayesemzimbeni, nakuba wayengekho emzimbeni, angazi, nguNkulunkulu owaziyo --

4. ukuthi wahlwithwa wayiswa eParadisi*, wezwa amazwi angakhulumekiyo, okungavunyelwe ukuba umuntu awakhulume.

5. Ngonjalo ngizakuzibonga, kepha ngami uqobo angizukuzibonga, kuphela ngobuthakathaka bami.

6. Ngokuba noma bengingathanda ukuzibonga, bengingezukuba yisiwula; ngokuba bengizakube ngikhuluma iqiniso, kepha ngiyayeka, funa umuntu acabange ngami okungaphezu kwalokho angibona ngiyikho nakuzwayo kimi.

7. Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.

8. Ngayo-ke nganxusa iNkosi kathathu ukuba isuke kimi.

9. Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.

10. Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.

11. Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kwakufanele ukuba nginconywe yinina. Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho.

12. Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokukhuthazela konke, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla.

13. Ngokuba nancishwani kunamanye amabandla, uma kungeyilokho ukuthi mina angibanga mthwalo kini na? Ngithetheleleni lelo cala.

14. Bhekani, sekungokwesithathu ngilungele ukuza kini; angiyikuba mthwalo kini, ngokuba angifuni okwenu, kodwa ngifuna nina. Ngokuba akubantwana abafanele ukuqongelela abazali, kodwa abazali baqongelela abantwana.

15. Kepha ngokujabula okukhulu ngiyakunikela konke, yebo, ngizinikele mina ngenxa yemiphefumulo yenu. Uma nginithanda kakhulu, kanti kuyilapho ngithandwa kancane na?

2 Kwabasekorinte 12