2 Izikronike 36:3-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Inkosi yaseGibithe yamsusa eJerusalema, yathelisa izwe amatalenta* ayikhulu esiliva netalenta legolide.

4. Inkosi yaseGibithe yabeka u-Eliyakimi umfowabo inkosi kwaJuda naseJerusalema, yaguqula igama lakhe labanguJehoyakimi. UNekho wathatha uJehowahazi umfowabo, wamyisa eGibithe.

5. UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.

6. Kwenyukela kuye uNebukadinesari inkosi yaseBabele, wambopha ngamaketanga ukuba amyise eBabele.

7. UNebukadinesari wayisa ezinye izitsha zendlu kaJehova eBabele, wazibeka ethempelini lakhe eBabele.

8. Ezinye izindaba zikaJehoyakimi, nezinengiso azenzayo, nokunye okufumaniseke kuye, bheka, kulotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda; uJehoyakini indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

9. UJehoyakini wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu nezinsuku eziyishumi eJerusalema; wenza okubi emehlweni kaJehova.

10. Ekuqaleni komnyaka inkosi uNebukadinesari yathumela yamletha eBabele kanye nezitsha ezinxanelekayo zendlu kaJehova, yabeka uSedekiya, umfowabo, inkosi kwaJuda naseJerusalema.

11. USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema.

12. Wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe; akazithobanga phambi kukaJeremiya umprofethi womlomo kaJehova.

13. Wayihlubuka inkosi uNebukadinesari eyayimfungisile uJehova, wenza lukhuni intamo yakhe, wenza lukhuni nenhliziyo yakhe ukuba ingaphendukeli kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

2 Izikronike 36