Ezinye izindaba zikaJehoyakimi, nezinengiso azenzayo, nokunye okufumaniseke kuye, bheka, kulotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda; uJehoyakini indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.