4. Zilungiseni ngezindlu zawoyihlo ngezigaba zenu njengokubhala kukaDavide inkosi yakwa-Israyeli nanjengokubhala kukaSolomoni indodana yakhe,
5. nime endaweni engcwele njengamaqembu ezindlu zawoyise babafowenu, abantu besizwe, yilelo nalelo libe nesigaba sendlu kayise yamaLevi.
6. Lihlabeni iphasika, nizingcwelise, nilungisele abafowenu ukuba benze njengezwi likaJehova ngesandla sikaMose.”
7. UJosiya wabanika abantu besizwe bonke ababekhona emihlambini amawundlu namazinyane ezimbuzi, onke abengaweminikelo yephasika, umumo uyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nezinkunzi eziyizinkulungwane ezintathu; lokho kwakungokwempahla yenkosi.
8. Izikhulu zakhe zabanika abantu, nabapristi, namaLevi iminikelo yesihle. OHilikiya, noZakariya, noJehiyeli, abaphathi bendlu kaNkulunkulu, babanika abapristi amawundlu ayizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha nezinkabi ezingamakhulu amathathu, kube ngokweminikelo yephasika.
9. OKhonaniya, noShemaya, noNethaneli, abafowabo, noHashabiya noJehiyeli, noJozabadi, izinduna zamaLevi, bawanika amaLevi amawundlu ayizinkulungwane eziyisihlanu nezinkabi ezingamakhulu ayisihlanu, kube ngokweminikelo yephasika.
10. Yayisilungiswa-ke inkonzo; abapristi bema ezindaweni zabo namaLevi ngezigaba zawo njengesiyalezo senkosi.