22. Kepha uJosiya akaphendukanga kuye, kodwa waziguqula ukuba alwe naye; akalalelanga amazwi kaNekho emlonyeni kaNkulunkulu, weza ukulwa esigodini saseMegido.
23. Abacibishelayo bacibishela inkosi; inkosi yathi ezincekwini zayo: “Ngikhipheni, ngokuba ngikhutshaziwe kakhulu.”
24. Izinceku zayo zayikhipha enqoleni, zayikhwelisa enqoleni yesibili eyayinayo, zayiyisa eJerusalema; yafa, yembelwa emathuneni awoyise. Wonke uJuda neJerusalema bamlilela uJosiya.
25. Naye uJeremiya wamlilela uJosiya; bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla; bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe eziLilweni.
26. Ezinye izindaba zikaJosiya, nezenzo zakhe ezinhle njengokulotshiweyo emthethweni kaJehova,
27. nezindaba zakhe, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda.