2 Izikronike 35:18-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Alenziwanga iphasika elinjengalelo kwa-Israyeli kusukela emihleni kaSamuweli umprofethi, nawo onke amakhosi akwa-Israyeli awenzanga iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabapristi, namaLevi, naye wonke uJuda no-Israyeli owayekhona, kanye nabakhileyo eJerusalema.

19. Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kukaJosiya leli phasika lenziwa.

20. Emva kwakho konke lokho uJosiya eselilungisile ithempeli, uNekho inkosi yaseGibithe wenyuka ukulwa neKharikemishi ngase-Ewufrathe; uJosiya waphuma ukumhlangabeza.

21. Kepha wathuma izithunywa, wathi: “Nginamsebenzi muni nawe nkosi yakwaJuda na? Angiphambene nawe namuhla, kepha ngiphambene nendlu engilwa nayo; uNkulunkulu ungitshelile ukuba ngisheshe; mgweme uNkulunkulu onami ukuba angakuchithi.”

22. Kepha uJosiya akaphendukanga kuye, kodwa waziguqula ukuba alwe naye; akalalelanga amazwi kaNekho emlonyeni kaNkulunkulu, weza ukulwa esigodini saseMegido.

23. Abacibishelayo bacibishela inkosi; inkosi yathi ezincekwini zayo: “Ngikhipheni, ngokuba ngikhutshaziwe kakhulu.”

24. Izinceku zayo zayikhipha enqoleni, zayikhwelisa enqoleni yesibili eyayinayo, zayiyisa eJerusalema; yafa, yembelwa emathuneni awoyise. Wonke uJuda neJerusalema bamlilela uJosiya.

25. Naye uJeremiya wamlilela uJosiya; bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla; bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe eziLilweni.

26. Ezinye izindaba zikaJosiya, nezenzo zakhe ezinhle njengokulotshiweyo emthethweni kaJehova,

27. nezindaba zakhe, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda.

2 Izikronike 35