2 Izikronike 35:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJosiya wamenzela uJehova iphasika eJerusalema; balihlaba iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala.

2. Wamisa abapristi ezikhundleni zabo, wabaqinisa emsebenzini wendlu kaJehova.

3. Washo kumaLevi afundisa wonke u-Israyeli, ayengcwele kuJehova, wathi: “Bekani umphongolo ongcwele endlini ayakhayo uSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli; akusayikubakho mthwalo emahlombe enu; khonzani manje uJehova uNkulunkulu wenu nabantu bakhe u-Israyeli.

4. Zilungiseni ngezindlu zawoyihlo ngezigaba zenu njengokubhala kukaDavide inkosi yakwa-Israyeli nanjengokubhala kukaSolomoni indodana yakhe,

5. nime endaweni engcwele njengamaqembu ezindlu zawoyise babafowenu, abantu besizwe, yilelo nalelo libe nesigaba sendlu kayise yamaLevi.

6. Lihlabeni iphasika, nizingcwelise, nilungisele abafowenu ukuba benze njengezwi likaJehova ngesandla sikaMose.”

7. UJosiya wabanika abantu besizwe bonke ababekhona emihlambini amawundlu namazinyane ezimbuzi, onke abengaweminikelo yephasika, umumo uyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nezinkunzi eziyizinkulungwane ezintathu; lokho kwakungokwempahla yenkosi.

8. Izikhulu zakhe zabanika abantu, nabapristi, namaLevi iminikelo yesihle. OHilikiya, noZakariya, noJehiyeli, abaphathi bendlu kaNkulunkulu, babanika abapristi amawundlu ayizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha nezinkabi ezingamakhulu amathathu, kube ngokweminikelo yephasika.

2 Izikronike 35