2 Izikronike 34:25-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; intukuthelo yami isithululelwe kule ndawo, ayiyikucinywa.’

26. Kepha enkosini yakwaJuda eyanithuma ukubuza kuJehova niyakusho kuyo kanje, nithi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maqondana namazwi owezwileyo,

27. ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaNkulunkulu ekuzweni kwakho amazwi akhe ngale ndawo nangabakhileyo kuyo, yebo, wazithoba phambi kwami, waziklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.

28. Bheka, ngiyakukubuthela koyihlo, ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo.’ ” Babuyisela enkosini leli zwi.

29. Inkosi yayisithumela, yabutha onke amalunga akwaJuda naseJerusalema.

2 Izikronike 34