11. bayinika nababazi nabakhi ukuba bathenge amatshe abaziweyo nemithi yokuhlanganisa, benze imishayo yezindlu amakhosi akwaJuda abezichithile.
12. Amadoda enza umsebenzi wawo ngokuthembeka; ababonisi phezu kwabo babe ngoJahati no-Obadiya amaLevi, emadodaneni akwaMerari, noZakariya noMeshulamu emadodaneni amaKohati, ukuba babahole, kanye namaLevi onke ayeqonda izinto zokubethwa.
13. Ayephezu kwabathwala imithwalo, ahola bonke abenza umsebenzi wezinkonzo ngezinkonzo; kumaLevi kwakukhona nababhali, nezinduna, nabalindisango.
14. Lapho beyikhipha imali eyayilethwe endlini kaJehova, uHilikiya, umpristi, wafumana incwadi yomthetho kaJehova eyalotshwa ngesandla sikaMose.
15. UHilikiya wathatha wathi kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wayinika uShafani incwadi.
16. UShafani wayiyisa incwadi enkosini, waletha nombiko wokuthi: “Konke okwanikelwa ezandleni zezinceku zakho ziyakwenza.
17. Ziyithululile imali eyafunyanwa endlini kaJehova, zayinikeza ezandleni zababonisi nasezandleni zezisebenzi.”
18. UShafani umbhali wayitshela inkosi, wathi: “UHilikiya umpristi unginike incwadi.” UShafani wafunda kuyo phambi kwenkosi.
19. Kwathi lapho inkosi isizwile amazwi omthetho, yaziklebhula izingubo zayo.
20. Inkosi yayala oHilikiya, no-Ahikamu indodana kaShafani, no-Abidoni indodana kaMika, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, yathi:
21. “Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabaseleyo kwa-Israyeli nakwaJuda ngamazwi encwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova ethululelwe phezu kwethu, ngokuba obaba abaligcinanga izwi likaJehova ukwenza njengakho konke okulotshiweyo kule ncwadi.”
22. Wayesehamba uHilikiya nabanye benkosi, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi indodana kaThokathi kaHasira, umgcinizingubo -- wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili -- bakhuluma kuye ngokunjalo.
23. Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Tshelani umuntu onithume kimi ukuthi:
24. ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, zonke iziqalekiso ezilotshiweyo encwadini abayifundileyo phambi kwenkosi yakwaJuda,
25. ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; intukuthelo yami isithululelwe kule ndawo, ayiyikucinywa.’
26. Kepha enkosini yakwaJuda eyanithuma ukubuza kuJehova niyakusho kuyo kanje, nithi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maqondana namazwi owezwileyo,
27. ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaNkulunkulu ekuzweni kwakho amazwi akhe ngale ndawo nangabakhileyo kuyo, yebo, wazithoba phambi kwami, waziklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.