10. UJehova wakhuluma kuManase nakubantu bakhe, kepha kabalalelanga.
11. Ngalokho-ke uJehova wabehlisela izinduna zempi yenkosi yase-Asiriya; zambamba uManase ngamaketanga, zambopha ngawozankosi, zamuyisa eBabele.
12. Lapho esekuhluphekeni, wanxusa kuJehova uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wawoyise.
13. Wakhuleka kuye; wancengwa nguye, wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe. Wayesekwazi uManase ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu.
14. Emva kwalokho wakha ugange olungaphandle komuzi kaDavide ngasentshonalanga kwaseGihoni esigodini kuze kube sekungeneni kweSango Lezinhlanzi; walihaqa i-Ofeli, waliphakamisa kakhulu; wabeka izinduna ezinamandla emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda.
15. Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaJehova, nawo onke ama-altare ayewakhile entabeni yendlu kaJehova naseJerusalema, wakulahla ngaphandle komuzi.
16. Wakha i-altare likaJehova, wanikela phezu kwalo ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula neyokubonga, washo kuJuda ukuba bamkhonze uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
17. Nokho abantu babesahlaba ezindaweni eziphakemeyo, kodwa kuJehova uNkulunkulu wabo kuphela.