1. UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusalema.
2. Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
3. Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama-altare, wenza o-Ashera,* wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.
4. Wakha ama-altare endlini kaJehova, uJehova asho ngayo ukuthi: “Igama lami liyakuba khona eJerusalema kuze kube phakade.”
5. Wakhela nalo lonke ibandla lasezukwini ama-altare emagcekeni omabili endlu kaJehova.
6. Wadabulisa abantwana bakhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.
7. Wabeka umfanekiso obaziweyo wesithombe awenzileyo endlini kaNkulunkulu asho ngayo uNkulunkulu kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;
8. futhi angisayikususa unyawo luka-Israyeli ezweni engilimisele oyihlo, uma beyakugcina kuphela ukwenza konke engibayale ngakho, wonke umthetho, nezimiso, nezahlulelo, ngesandla sikaMose.”
9. UManase wadukisa uJuda nabakhileyo eJerusalema, baze benza okubi kunabezizwe uJehova abachitha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
10. UJehova wakhuluma kuManase nakubantu bakhe, kepha kabalalelanga.