9. UHezekiya wababuza abapristi namaLevi ngezinqwaba.
10. U-Azariya umpristi omkhulu wendlu kaSadoki wathi: “Kusukela ekuqaleni kokulethwa kweminikelo endlini kaJehova sidlile sasutha, sashiya okuningi, ngokuba uJehova ubusisile abantu bakhe; okuseleyo yile ngcebo.”
11. Wayesesho uHezekiya ukuba kulungiswe amakamelo endlini kaJehova; bawalungisa-ke.
12. Base bengenisa iminikelo, nokweshumi, nezinto ezingcwele ngokuthembeka; uKhonaniya, umLevi, waba ngumphathi walokho; uShimeyi umfowabo waba ngowesibili.