Base bengenisa iminikelo, nokweshumi, nezinto ezingcwele ngokuthembeka; uKhonaniya, umLevi, waba ngumphathi walokho; uShimeyi umfowabo waba ngowesibili.