2. UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo, kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe, abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze, babonge, badumise emasangweni ekamu* likaJehova,
3. nesabelo senkosi emfuyweni yayo ukuba sibe ngeseminikelo yokushiswa, eseminikelo yokushiswa yasekuseni neyakusihlwa, neseminikelo yokushiswa yamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi emisiweyo njengokulotshiweyo emthethweni kaJehova.
4. Washo kubantu abakhileyo eJerusalema ukuba banike abapristi namaLevi izabelo, ukuze babambelele emthethweni kaJehova.
5. Lanele ukusakazeka nje leli zwi, abantwana bakwa-Israyeli banikela kakhulu ngolibo lwamabele, nolwewayini, nolwamafutha, nolwezinyosi, nakuzo zonke izithelo zamasimu, baletha kakhulu okweshumi kwakho konke.
6. Abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda ababehlala emizini yakwaJuda baletha nabo okweshumi kwezinkabi nezimvu nokweshumi kwezinto ezingcwele ezazingcweliselwe uJehova uNkulunkulu wabo, bakubeka izinqwaba ngezinqwaba.
7. Ngenyanga yesithathu baqala ukubeka izisekelo zezinqwaba, ngenyanga yesikhombisa baziqeda.
8. Lapho uHezekiya nezikhulu beza ukuzibona izinqwaba, bambonga uJehova nabantu bakhe u-Israyeli.
9. UHezekiya wababuza abapristi namaLevi ngezinqwaba.