Abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda ababehlala emizini yakwaJuda baletha nabo okweshumi kwezinkabi nezimvu nokweshumi kwezinto ezingcwele ezazingcweliselwe uJehova uNkulunkulu wabo, bakubeka izinqwaba ngezinqwaba.