10. U-Azariya umpristi omkhulu wendlu kaSadoki wathi: “Kusukela ekuqaleni kokulethwa kweminikelo endlini kaJehova sidlile sasutha, sashiya okuningi, ngokuba uJehova ubusisile abantu bakhe; okuseleyo yile ngcebo.”
11. Wayesesho uHezekiya ukuba kulungiswe amakamelo endlini kaJehova; bawalungisa-ke.
12. Base bengenisa iminikelo, nokweshumi, nezinto ezingcwele ngokuthembeka; uKhonaniya, umLevi, waba ngumphathi walokho; uShimeyi umfowabo waba ngowesibili.
13. OJehiyeli, no-Azaziya, noNahati, no-Asaheli, noJerimoti, noJozabadi, no-Eleyeli, noJisimakiya, noMahati, noBenaya babe ngababonisi phansi kwesandla sikaKhonaniya noShimeyi umfowabo ngesiyalezo sikaHezekiya inkosi no-Azariya umphathi wendlu kaNkulunkulu.
14. UKore, indodana kaJimna umLevi, umlindisango wasesangweni lasempumalanga, wayephethe iminikelo yesihle kaNkulunkulu ukuba abele iminikelo kaJehova nezinto ezingcwele.
15. Phansi kwakhe kwakungo-Edene, noMiniyamini, noJeshuwa, noShemaya, no-Amariya, noShekaniya emizini yabapristi ezikhundleni zabo ukuba babele abafowabo ngezigaba zabo abakhulu njengabancane,
16. ngaphandle kwabesilisa ababhaliweyo ngezizukulwane zabo, kusukela kwabaneminyaka emithathu kuya phezulu, bonke ababengena endlini kaJehova ngendaba yomsebenzi wabo wemihla ngemihla ngezimfanelo zabo nezigaba zabo;
17. abapristi babhalwa ngezindlu zawoyise, namaLevi abhalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ngezimfanelo zawo nezigaba zawo.
18. Babhalwa ngezizukulwane kanye nezingane zabo, nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, isixuku sonke, ngokuba bazingcwelisa ngobungcwele ezikhundleni zabo.
19. Namadodana ka-Aroni, abapristi ababe semasimini amadlelo emizi yabo, imizi ngemizi, ayenamadoda abizwa ngegama ukuba anike bonke abesilisa babapristi nawo onke amaLevi abhaliweyo ngezizukulwane izabelo.
20. Wenze njalo uHezekiya kwaJuda wonke; wenza okuhle nokulungile nokuthembekile phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.
21. Emisebenzini yonke ayiqalayo enkonzweni yendlu kaNkulunkulu, nasemthethweni, nasemiyalweni, ukuba afune uNkulunkulu wakhe, wakwenza ngayo yonke inhliziyo yakhe, waphumelela.