8. Ningabi ntamo elukhuni njengawoyihlo, kepha nimnike uJehova isandla senu, ningene endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade, nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu ukuba ulaka lwakhe oluvuthayo lubuye kini.
9. Ngokuba ekubuyeleni kwenu kuJehova abafowenu nabantwana benu bayakuthola umusa phambi kwababathumbayo, babuyele kuleli zwe, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa nesihe, akayikunifulathela, uma nibuyela kuye.”
10. Izigijimi zazilokhu zidlula emizini ngemizi ezweni lakwa-Efrayimi nelakwaManase kwaze kwaba kwaZebuloni; kepha bazihleka usulu, baziklolodela.
11. Kepha abathile babakwa-Asheri nabakwaManase nabakwaZebuloni bazithoba, beza eJerusalema.
12. NakwaJuda sasikhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyonye ukuba benze isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaJehova.
13. Kwabuthana eJerusalema abantu abaningi ukuba bagubhe umkhosi wesinkwa esingenamvubelo ngenyanga yesibili, ibandla elikhulu kakhulu.
14. Basuka, basusa ama-altare aseJerusalema; nawo onke ama-altare empepho bawasusa, bawaphonsa emfudlaneni iKidroni.
15. Base belihlaba iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yesibili; abapristi namaLevi babe namahloni, bazingcwelisa, baletha iminikelo yokushiswa endlini kaJehova.
16. Bema ezindaweni zabo njengehlelo labo ngokomthetho kaMose, umuntu kaNkulunkulu; abapristi bafafaza ngegazi elalisesandleni samaLevi.
17. Ngokuba babe baningi ebandleni ababengazingcwelisanga; amaLevi ayephezu kokuhlatshwa kwamaphasika abo bonke ababengahlambulukile ukuba abangcwelisele uJehova.
18. Ngokuba isixuku sabantu, abaningi bakwa-Efrayimi nakwaManase nakwa-Isakare nakwaZebuloni, sasingazihlambululanga, salidla iphasika ngokungalotshiwe. Ngokuba uHezekiya wayebakhulekele ngokuthi: “UJehova omuhle makathethelele
19. bonke ababebhekisa izinhliziyo zabo ukufuna uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu wawoyise, noma kungenjengokuhlanjululwa kwendlu engcwele.”