2 Izikronike 31:1 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

Sekuphelile konke lokho, u-Israyeli wonke owayekhona waphuma waya emizini yakwaJuda, waphula izinsika, wagawula o-Ashera,* wadiliza izindawo eziphakemeyo nama-altare kwaJuda wonke, nakwaBenjamini, nakwa-Efrayimi, nakwaManase, waze waqeda konke. Base bebuyela bonke abantwana bakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe, emizini yakubo.

2 Izikronike 31

2 Izikronike 31:1-7