2 Izikronike 30:7-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ningabi njengoyihlo nabafowenu ababephambuka kuJehova uNkulunkulu wawoyise, waze wabanikela encithakalweni, njengalokhu nibona.

8. Ningabi ntamo elukhuni njengawoyihlo, kepha nimnike uJehova isandla senu, ningene endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade, nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu ukuba ulaka lwakhe oluvuthayo lubuye kini.

9. Ngokuba ekubuyeleni kwenu kuJehova abafowenu nabantwana benu bayakuthola umusa phambi kwababathumbayo, babuyele kuleli zwe, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa nesihe, akayikunifulathela, uma nibuyela kuye.”

10. Izigijimi zazilokhu zidlula emizini ngemizi ezweni lakwa-Efrayimi nelakwaManase kwaze kwaba kwaZebuloni; kepha bazihleka usulu, baziklolodela.

11. Kepha abathile babakwa-Asheri nabakwaManase nabakwaZebuloni bazithoba, beza eJerusalema.

12. NakwaJuda sasikhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyonye ukuba benze isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaJehova.

13. Kwabuthana eJerusalema abantu abaningi ukuba bagubhe umkhosi wesinkwa esingenamvubelo ngenyanga yesibili, ibandla elikhulu kakhulu.

2 Izikronike 30