2 Izikronike 30:20-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. UJehova wamuzwa uHezekiya, wabaphilisa abantu.

21. Abantwana bakwa-Israyeli ababe khona eJerusalema bawugubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza okukhulu; amaLevi nabapristi bamdumisa uJehova imihla ngemihla ngezinto zokubethwa ezizwakalayo kuJehova.

22. UHezekiya wakhuluma kahle kuwo onke amaLevi ayebonakalisa ukuqonda inkonzo kaJehova. Badla-ke iminikelo yomkhosi izinsuku eziyisikhombisa, benikela ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula, bembonga uJehova uNkulunkulu wawoyise.

23. Lonke ibandla lase livumelana ukugubha ezinye izinsuku eziyisikhombisa; bagubha ezinye izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza.

24. Ngokuba uHezekiya inkosi yakwaJuda wayenikile ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa zibe yiminikelo, nezikhulu zazinikile ibandla izinkunzi eziyinkulungwane nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi; abapristi abaningi bazingcwelisa.

25. Lonke ibandla lakwaJuda kanye nabapristi namaLevi, nalo lonke ibandla elaphuma ku-Israyeli, nabafokazi abaphuma ezweni lakwa-Israyeli behlezi kwaJuda, bathokoza.

26. Kwakukhona-ke ukuthokoza okukhulu eJerusalema, ngokuba kusukela esikhathini sikaSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, akuzange kube khona okunjalo eJerusalema.

27. Base besukuma abapristi namaLevi, bababusisa abantu; izwi labo lezwakala, nomkhuleko wabo wafika endaweni yakhe engcwele ezulwini.

2 Izikronike 30