23. Base besondeza izimpongo ngenxa yomnikelo wesono phambi kwenkosi nebandla; babeka izandla zabo phezu kwazo;
24. abapristi bazihlaba, benza umnikelo wesono ngegazi lazo e-altare ukuba benzele u-Israyeli wonke ukubuyisana, ngokuba inkosi yayaleza ukuba umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono ube ngoka-Israyeli wonke.
25. Wawamisa amaLevi endlini kaJehova ephethe amasimbali,* nezingubhu, namahabu* njengesiyalezo sikaDavide nesikaGadi umboni wenkosi nesikaNathani umprofethi, ngokuba isiyalezo sasingesikaJehova ngesandla sabaprofethi bakhe.
26. AmaLevi ayesema ephethe izinto zokubethwa zikaDavide, ekanye nabapristi bephethe amacilongo.
27. UHezekiya wayala ukunikela ngomnikelo wokushiswa e-altare. Ngesikhathi sokuqala komnikelo wokushiswa kwaqala nesihlabelelo sikaJehova, namacilongo, kanye nezinto zokubethwa zikaDavide inkosi yakwa-Israyeli.
28. Lonke ibandla lakhuleka, abahlabeleli bahlabelela, abamacilongo babetha; konke kwaqhubeka waze waphela umnikelo wokushiswa.
29. Sebeqedile ukunikela, inkosi nabo bonke ababe nayo bakhothama, bakhuleka.