2 Izikronike 26:6-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Waphuma walwa namaFilisti, wadiliza ugange lwaseGati, nogange lwaseJabine, nogange lwase-Ashidodi; wakha imizi kwelase-Ashidodi naphakathi kwamaFilisti.

7. UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti, nakwabase-Arabiya ababehlala eGuri Bali, nakumaMehuni.

8. Abakwa-Amoni bathela intela ku-Uziya; igama lakhe lahamba laze lafika nasekuyeni eGibithe, ngokuba waba namandla kakhulu.

9. U-Uziya wakha nemibhoshongo eJerusalema ngaseSangweni Lasegumbini, nangaseSangweni Lasesigodini, nangaseNqutshini, wayiqinisa.

10. Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imigodi eminingi yamanzi, ngokuba wayenezinkomo eziningi ehlanzeni nasethafeni, wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayengothanda umhlabathi.

11. U-Uziya wayenempi elwayo eyaphuma ukulwa ngamaviyo njengomumo wokubalwa kwabo ngesandla sikaJehiyeli, umbhali, noMahaseya, umbusi phansi kwesandla sikaHananiya, enye yezinduna zenkosi.

12. Umumo wonke wezinhloko zawoyise, amaqhawe anamandla, wawuyizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha.

13. Phansi kwezandla zabo kwakukhona impi enamandla eyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu nezinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisihlanu, eyalwa ngamandla amakhulu ukuba isize inkosi ezitheni.

14. U-Uziya walungisela impi yonke izihlangu, nemikhonto, nezigqoko, namabhantshi, neminsalo, namatshe endwayimana.

15. Wenza eJerusalema imishini eyaqanjwa ngokuhlakanipha ukuba ibe phezu kwemibhoshongo nasezingosini, kuphonswe ngayo imicibisholo namatshe amakhulu. Igama lakhe laphumela ekudeni, ngokuba wasizwa ngokumangalisayo waze waba namandla.

2 Izikronike 26