4. Kodwa akabulalanga abantwana bazo, kepha wenza njengokulotshiweyo emthethweni encwadini kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi: “Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.”
5. Futhi u-Amasiya wabutha uJuda, wabamisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwezinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, oJuda wonke noBenjamini; wababala kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, wabafumana beyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu abakhethekileyo abangaphuma impi nabangaphatha umkhonto nesihlangu.
6. Waqasha kwa-Israyeli amaqhawe anamandla ayizinkulungwane eziyikhulu ngamatalenta* ayikhulu esiliva.
7. Kepha kwafika kuye umuntu kaNkulunkulu, wathi: “Nkosi, impi yakwa-Israyeli mayingahambi nawe, ngokuba uJehova akasenaye u-Israyeli nabo bonke abantwana bakwa-Efrayimi,
8. kepha noma kuhamba wena, ukwenza, uziqinisela impi; uNkulunkulu uyakukuwisa phansi ebusweni bezitha. Ngokuba uNkulunkulu unamandla okuwisa phansi nokusiza.”
9. U-Amasiya wayesethi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Kepha siyakwenze njani ngamatalenta* ayikhulu engiwanike impi yakwa-Israyeli na?”Umuntu kaNkulunkulu wathi: “UJehova unamandla okukunika okuningi kunalokho.”
10. U-Amasiya wayeseyahlukanisa impi ebifike kuye ivela kwa-Efrayimi ukuba iye ekhaya; ngalokho ulaka lwabo lwavuthela kakhulu uJuda, babuyela ekhaya bevutha ulaka.
11. U-Amasiya waziqinisa, wahola abantu bakhe, waya esiGodini Sikasawoti, wabulala abantwana baseSeyiri abayizinkulungwane eziyishumi.
12. Abayizinkulungwane eziyishumi bathunjwa ngabantwana bakwaJuda besezwa, babayisa esiqongweni sesiwa, babaphonsa phansi besesiqongweni sesiwa, baphihlizeka bonke.