Futhi u-Amasiya wabutha uJuda, wabamisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwezinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, oJuda wonke noBenjamini; wababala kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, wabafumana beyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu abakhethekileyo abangaphuma impi nabangaphatha umkhonto nesihlangu.