15. Ngalokho intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Amasiya, wathuma umprofethi kuye owathi kuye: “Ufuneleni onkulunkulu babantu abangophulanga abantu babo esandleni sakho na?”
16. Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Sikubeke umluleki wenkosi na? Yeka, ubuyakubulawelani na?”Wayeseyeka umprofethi, wathi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa, ngokuba wenzile lokho, ungalalelanga isiluleko sami.”
17. U-Amasiya, inkosi yakwaJuda, eselulekiwe wathumela kuJowashi indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza sibhekane ubuso nobuso.”
18. UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wathumela ku-Amasiya inkosi yakwaJuda, wathi: “Isihlahla somkhaya saseLebanoni sathumela kumsedari* waseLebanoni, sathi: ‘Nika indodana yami indodakazi yakho ibe ngumkayo.’ Kwadlula isilo sasendle saseLebanoni, sanyathela phansi isihlahla somkhaya.
19. Uthi: ‘Bheka, ngichithile u-Edomi;’ inhliziyo yakho iyakuphakamisa ukuba uzidumise; hlala ekhaya manje; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?”
20. Kepha u-Amasiya akalalelanga, ngokuba kwavela kuNkulunkulu ukuba abanikele esandleni sezitha zabo, ngokuba babefunile onkulunkulu bakwa-Edomi.
21. Wayesekhuphuka uJowashi inkosi yakwa-Israyeli; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nobuso eBeti Shemeshi elingelakwaJuda.
22. UJuda wahlulwa phambi kuka-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.
23. UJowashi inkosi yakwa-Israyeli wambamba u-Amasiya inkosi yakwaJuda indodana kaJowashi kaJehowahazi eBeti Shemeshi, wamyisa eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema kusukela eSangweni lakwa-Efrayimi kuze kube seSangweni Lasegumbini, izingalo ezingamakhulu amane.
24. Wathatha lonke igolide nesiliva, nazo zonke izitsha ezafunyanwa endlini kaJehova ku-Obede Edomi, nengcebo yendlu yenkosi, nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.
25. U-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, wayesekhona emva kokufa kukaJowashi indodana kaJehowahazi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka eyishumi nanhlanu.
26. Ezinye izindaba zika-Amasiya, ezokuqala nezokugcina, bheka, angithi zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli na?
27. Kusukela esikhathini u-Amasiya aphambuka ngaso ekumlandeleni uJehova bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakishi, kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona.
28. Bamthwala ngamahhashi, bammbela koyise emzini wakwaJuda.