U-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, wayesekhona emva kokufa kukaJowashi indodana kaJehowahazi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka eyishumi nanhlanu.