31. UJehoshafati wabusa-ke phezu kukaJuda; wayeneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amabili nanhlanu eJerusalema; igama likanina lalingu-Azuba indodakazi kaShilehi.
32. Wahamba ngendlela ka-Asa uyise, kaphambukanga kuyo, ekwenza okulungile emehlweni kaJehova.
33. Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; futhi abantu babengabhekisanga izinhliziyo zabo kuNkulunkulu wawoyise.
34. Ezinye izindaba zikaJehoshafati, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe ezindabeni zikaJehu indodana kaHanani ezifakwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli.
35. Emva kwalokho uJehoshafati, inkosi yakwaJuda, wazihlanganisa no-Ahaziya inkosi yakwa-Israyeli; yena wayekwenza okubi impela;
36. wazihlanangisa naye ukwenza imikhumbi yokuya eTharishishi; bayenza imikhumbi e-Esiyoni Geberi.
37. U-Eliyezeri indodana kaDodavahu waseMaresha waprofetha ngoJehoshafati ngokuthi: “Ngenxa yokuba uzihlanganisile no-Ahaziya, uJehova uyakudiliza imisebenzi yakho.” Yaphuka-ke imikhumbi, yathiyeka ukuya eTharishishi.