“Bheka, u-Amariya umpristi omkhulu uphezu kwenu kuzo zonke izindaba zikaJehova, noZebadiya indodana ka-Ishmayeli, umbusi wendlu yakwaJuda, kuzo zonke izindaba zenkosi; namaLevi ayakuba yizinduna ngaphambi kwenu. Yibani namandla ekwenzeni kwenu, uJehova uyakuba nabalungileyo.”