1. Kwathi emva kwalokho kwafika abantwana bakwaMowabi nabantwana bakwa-Amoni benabanye bamaMehuni kuJehoshafati, beyokulwa.
2. Kwafika abanye, bamtshela uJehoshafati, bathi: “Kusondela kuwe isixuku esikhulu sivela phesheya kolwandle e-Aramu; bheka, sebeseHasasoni Thamari eliyi-Eni Gedi.”
3. UJehoshafati wayeseshaywa luvalo, wabhekisa ubuso bakhe ukumfuna uJehova, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke lwakwaJuda.
4. UJuda wabuthana ukucela ukusizwa nguJehova; baphuma emizini yonke yakwaJuda, bafika ukumfuna uJehova.
5. UJehoshafati wema ebandleni lakwaJuda nelaseJerusalema endlini kaJehova phambi kwegceke elisha,
6. wathi: “Jehova Nkulunkulu wawobaba, wena awusiye uNkulunkulu ezulwini, awusiye umbusi wemibuso yonke yabezizwe, na? Esandleni sakho kukhona amandla negunya, akakho ongamelana nawe.
7. Awuxoshanga yini, Nkulunkulu wethu, abakhileyo kuleli zwe phambi kwabantu bakho u-Israyeli, wanika lona inzalo ka-Abrahama umngane wakho kuze kube phakade, na?
8. Bahlala kulo, bakwakhela kulo indlu engcwele ibe ngeyegama lakho, bethi: