2 Izikronike 19:9-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. wabayala wathi: “Niyakwenze njalo ngokumesaba uJehova, ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo.

10. Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo, niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala.

11. “Bheka, u-Amariya umpristi omkhulu uphezu kwenu kuzo zonke izindaba zikaJehova, noZebadiya indodana ka-Ishmayeli, umbusi wendlu yakwaJuda, kuzo zonke izindaba zenkosi; namaLevi ayakuba yizinduna ngaphambi kwenu. Yibani namandla ekwenzeni kwenu, uJehova uyakuba nabalungileyo.”

2 Izikronike 19