1. Kwathi lapho umbuso kaRehobowamu usuqinisiwe, yena esenamandla, washiya umthetho kaJehova no-Israyeli wonke kanye naye.
2. Kepha kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu, uShishaki inkosi yaseGibithe wakhuphukela eJerusalema, ngokuba babephambukile kuJehova,
3. enezinqola eziyinkulungwane namakhulu amabili, nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha; abantu babengenakubalwa abaphuma naye eGibithe: ngamaLubi, namaSuki, namaKushe.
4. Wayithatha imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wafika eJerusalema.
5. Wayesefika uShemaya umprofethi kuRehobowamu nasezikhulwini zakwaJuda ezazibuthene eJerusalema ngenxa kaShishaki, wathi kubo: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Nina ningishiyile; ngalokho nami nginishiyile esandleni sikaShishaki.’ ”
6. Zase zizithoba izikhulu zakwa-Israyeli nenkosi, bathi: “UJehova ulungile.”
7. Lapha uJehova ebona ukuthi bayazithoba, kweza izwi likaJehova kuShemaya, lathi: “Bazithobile; angiyikubachitha, kepha ngiyakubakhulula emva kwesikhashana, nentukuthelo yami ayiyikuthululelwa phezu kweJerusalema ngesandla sikaShishaki.
8. Nokho bayakuba yizinceku zakhe ukuba bazi inkonzo yami nenkonzo yemibuso yezizwe.”