Wayesefika uShemaya umprofethi kuRehobowamu nasezikhulwini zakwaJuda ezazibuthene eJerusalema ngenxa kaShishaki, wathi kubo: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Nina ningishiyile; ngalokho nami nginishiyile esandleni sikaShishaki.’ ”