9. Wathi kuzo: “Nina niluleka ukuba sibuyise mpenduloni kulaba bantu abakhulume kimi ngokuthi: ‘Yenza ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu libe lula,’ na?”
10. Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe, zithi: “Uyakusho kanje kubantu abakhulume kuwe ngokuthi: ‘Uyihlo walenza ijoka lethu lasinda, kepha wena ulenze libe lula kithina,’ uyakusho kubo kanje ukuthi: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.
11. Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela.’ ”
12. UJerobowamu nabantu bonke base befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi ithi: “Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.”
13. Inkosi yabaphendula kalukhuni; inkosi uRehobowamu yalahla isiluleko samalunga,
14. yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi: “Ubaba walenza ijoka lenu lasinda, mina ngiyakwenezela kulo; ubaba wanishaya ngesiswebhu, mina ngawofezela.”
15. Inkosi ayibalalelanga abantu, ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuNkulunkulu, ukuze uJehova amise izwi lakhe alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.
16. Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini, bathi:“Sinasabelo sini kuDavide na?Ifa asinalo endodaneni kaJese.Yilowo nalowo makaye etendeni lakhe, Israyeli;zibhekele indlu yakho manje, Davide.”Wayesesuka u-Israyeli wonke, waya ematendeni akhe.
17. Kepha abantwana bakwa-Israyeli abakhe emizini yakwaJuda, uRehobowamu wabusa phezu kwabo.
18. Inkosi uRehobowamu yathuma u-Adoramu owayephezu kwezisebenzi; abantwana bakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema.
19. U-Israyeli wayeseyihlubuka-ke indlu kaDavide kuze kube namuhla.