Inkosi uRehobowamu yathuma u-Adoramu owayephezu kwezisebenzi; abantwana bakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema.