2 Amakhosi 7:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesethi u-Elisha: “Zwanini izwi likaJehova; usho kanje uJehova, uthi: ‘Kusasa ngalesi sikhathi iseya* lempuphu ecolekileyo liyakuthengiswa ngeshekeli,* namaseya amabili ebhali* ngeshekeli esangweni laseSamariya.’ ”

2. Induna inkosi eyencika esandleni sayo yaphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: “Bheka, uma uJehova enza amafasitele ezulwini, le nto ingenzeka kanjani na?”Wathi: “Bheka, uyakukubona ngamehlo akho, ungadli kukho kodwa.”

3. Kwakukhona esikhaleni sesango abantu abane abanochoko; bathi omunye komunye: “Sihlalelani lapha size sife na?

4. Uma sithi: ‘Siyakungena emzini,’ indlala isemzini, siyakufela khona; uma sihlezi lapha, siyakufa futhi. Ngalokho masihambe sisukele ikamu* lama-Aramu; uma esiyeka, siyakuphila; uma esibulala, siyakufa.”

5. Basuka kuhwelela, baya ekamu* lama-Aramu; sebefike emaphethelweni ekamu lama-Aramu, bheka, kwakungekho muntu lapho.

6. INkosi ibiyizwisile impi yama-Aramu umsindo wezinqola, nomsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu aze akhuluma omunye komunye ngokuthi: “Bheka, inkosi yakwa-Israyeli isiqashele amakhosi amaHeti namakhosi aseGibithe ukuba asifikele.”

7. Ayesesuka, abaleka kuhwelela, ashiya amatende awo, namahhashi awo, nezimbongolo zawo, nekamu* linjengalokhu linjalo, abaleka ukuba asinde.

2 Amakhosi 7