2 Amakhosi 24:1-2 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Emihleni yakhe kwenyuka uNebukadinesari inkosi yaseBabele; uJehoyakimi wayeyinceku yakhe iminyaka emithathu; wayesebuya, wamhlubuka.

2. UJehova wathuma kuye amaviyo amaKaledi, namaviyo ama-Aramu, namaviyo abakwaMowabi, namaviyo abantwana bakwa-Amoni, wawathuma kuJuda ukumchitha njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla sezinceku zakhe abaprofethi.

2 Amakhosi 24