Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe, ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, uNebukadinesari inkosi yaseBabele wafika, yena nayo yonke impi yakhe, eJerusalema, wamisa malungana nalo; bakha inqaba ngakulo nxazonke.