2 Amakhosi 15:3-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise u-Amasiya.

4. Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

5. UJehova wayishaya inkosi, yaba ngonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo. UJothamu, indodana yenkosi, wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe.

6. Ezinye izindaba zika-Azariya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

7. U-Azariya wayeselala koyise; bammbela koyise emzini kaDavide; uJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

8. Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Azariya inkosi yakwaJuda, uZakariya, indodana kaJerobowamu, wayeyinkosi kwa-Israyeli eSamariya izinyanga eziyisithupha.

9. Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho benzile oyise, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli.

10. UShalumi, indodana kaJabeshi, wamenzela ugobe, wamgenca phambi kwabantu, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

11. Ezinye izindaba zikaZakariya, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

12. Yilelo izwi likaJehova alikhuluma kuJehu ngokuthi: “Amadodana akho kuze kube sesizukulwaneni sesine ayakuhlala esihlalweni sakwa-Israyeli.” Kwaba njalo.

13. UShalumi indodana kaJabeshi waba yinkosi ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka-Uziya inkosi yakwaJuda, wabusa inyanga eSamariya.

14. UMenahemu, indodana kaGadi, wenyuka eTirisa, wafika eSamariya, wagenca uShalumi, indodana kaJabeshi, eSamariya, wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.

15. Ezinye izindaba zikaShalumi nogobe lwakhe alwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

16. Ngaleso sikhathi uMenahemu wachitha iThifisa, nakho konke okwakukulo, nemikhawulo yalo, kusukela eTirisa; ngokuba bengamvulelanga, ngalokho walichitha; nabo bonke abesifazane abakhulelweyo abakulo wabaqaqa.

17. Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka-Azariya inkosi yakwaJuda uMenahemu indodana kaGadi waba yinkosi kwa-Israyeli, wabusa iminyaka eyishumi eSamariya.

18. Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga zonke izinsuku zakhe ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli.

19. Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase-Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe.

2 Amakhosi 15