2 Amakhosi 13:4-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. UJehowahazi wakhuleka kuJehova, uJehova wamuzwa, ngokuba wabona ukucindezelwa kuka-Israyeli ukuthi inkosi yase-Aramu yayibacindezela.

5. UJehova wanika u-Israyeli umsindisi, baphuma phansi kwesandla sama-Aramu; abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo njengakuqala.

6. Nokho abasukanga ezonweni zendlu kaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli, kepha bahamba kuzo; naye u-Ashera* wasala eSamariya.

7. Ngokuba akashiyanga abantu kuJehowahazi, kuphela abamahhashi abangamashumi ayisihlanu, nezinqola eziyishumi, nemigundatshani eyizinkulungwane eziyishumi, ngokuba inkosi yase-Aramu yabachitha, yabenza baba njengothuli ekubhuleni.

8. Ezinye izindaba zikaJehowahazi, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

9. UJehowahazi wayeselala koyise; bammbela eSamariya; uJowashi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

10. Ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJehowashi, indodana kaJehowahazi, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha.

11. Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga kuzo zonke izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, kodwa wahamba kuzo.

12. Ezinye izindaba zikaJowashi, nakho konke akwenzayo, namandla akhe alwa ngawo no-Amasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

13. UJowashi wayeselala koyise; uJerobowamu wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi; uJowashi wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli.

2 Amakhosi 13